Sicela ubike konke ukushona kwabantu abakhulelwe okwenzekayo endaweni yangakini.
Thintana nomtholampilo oseduze nawe, isibedlela noma inhlangano esifundazweni sakho ebhekele nezempilo zabakhulelwe.
Emhalbeni wonke jikelele kushona abesifazane abalinganiselwa ku 600 000 abangaphansi kwezimo zokukhulelwa.
Amaphesenti angu 99(%) alokufa enzeka emazweni asakhulayo noma asathuthuka.
Lokufa kubanga inhliziyo ebuhlungu kakhulu ngoba okuningi kungavinjelwa.
Izifo umuntu okhulelwe akade enazo ngaphambi kokuba akhulelwe kakhulukazi isifo senhliziyo.
Wonke umuntu wesifazane okhulelwe angangcina enazo izinkinga uma ekhulelwe noma uma esebeletha. Kodwake, izimo namathuba awafani.
Abesifazane abangaphezu kuka 34 ngeminyaka kufanele baqale baxoxisane noNesi noma noDokotela ngaphambi kokukhulelwa. Labo asebeqedile ukuzala kufanele bacabange ukuvala inzalo noma kuvale abalingani babo (obaba).
Abesifazane asebeke bakhulelwa kwaze kwakahlanu noma ngaphezulu kufanele njalo bathintane noNesi noma noDokotela ukuze bathole ukuhlolwa okugcwele ngaphambi kokuba bakhulelwe.
Abesifazane abanesifo senhliziyo kufanele bathintane noDokotela wenhliziyo omsizayo ngalesifo ngaphambi kokuthi akhulelwe. Omama labo abahlushwa kakhulu yisifo senhliziyo bona bakhuthazwa ukuthi bayivale inzalo.
Omama abakhulelwe, ababehlinziwe phambilini bona kufanele njalo babelethele esibhedlela esihlinza ngazo zonke izikhathi sosuku ekuseni noma ebusuku.
Abesifazane abakhulelwe abasukwa yikhanda elibuhlungu, ukopha, isisu esibuhlungu njalo, ukuphelelwa umoya noma abaphuma uketshezi olunukayo ngaphansi kufanele babike ngokushesha emtholampilo yabo eseduze noma esibhedlela.
Hlela ukukhulelwa kwakho uma kungenzeka, futhi kumele ubelethiswe umuntu noma unesi okwaziyo futhi okufundele ukubelethisa.
Vakashela umtholampilo wangakini noma udokotela uma seweqeke kabili ukuya esikhathini ukuze uyobhekwa.
Iya emtholampilo noma kudokotela uma ungasafuni ukuqhubeka nokukhulelwa kwakho uyofuna usizo.
Njalo sebenzisa ijazi lomkhwenyana (ikhondomu) uma uya ocansini ungakayifuni nengane noma usukhulelwe.
Uxhase umuntu okhulelwe ekhaya uma esakhulelwe, ebeletha futhi noma esebelethile.
Ukhuthaze ukuvakashela umtholampilo wabakhulelwe (ukuxukuza) futhi kuhlele imisebenzi ukuze umunthu okhulelwe akwazi ukuhamba.
Uxhase umtholampilo wendawo ukuze ukwazi ukunika usizo oluseqophekweni eliphezulu.
